Bazothola usizo abapheshukelwe yizindlu eTembisa

Amakhulu ngamakhulu abantu abasale dengwane kulandela umoya onamandla ohlasele e-Tembisa, ngaphansi kwamasipala wase-Ekurhuleni, sebethenjiswe usizo ukuze bakwazi ukuqhubeka nempilo.

Umoya onamandla uye wahlasela ezingxenyeni ezithize ze-Tembisa nokuholele ekutheni kudaleke umonakalo emakhaya amaningi – iningi lawo okuyimikhukhu, inxanxathela yezitolo – i-Phumulani Mall, isiteshi sika-petrol kanye nesibhedlela sendawo.

Abantu abathathu kubikwa ukuthi baye baphuthunyiswa esibhedlela emva kokulimala.

Amakhaya abalelwa kuma-200 apheshulwe ngumoya e-Winnie Mandela, nokuholele ekutheni abantu ababalelwa kuma-400 basale bengenamakhaya.

Ngaphezu kwalokho imikhukhu eyi-100 kanye nezindlu ezingama-20 ezonakele ngenxa yalesi siphepho.

Okhulumela uMasipala wase-Ekurhuleni, u-Themba Gadebe, uthi uMasipala usunikezele ngamahholo omphakathi, i-Rabasotho kanye ne-Olifansfontein ukuze umphakathi uzohlala khona okwesikhashana.

“Izinjumbane zokudla kanye nezingubo zokulala kuzosatshalaliswa ukunikeza olunye usizo kwabathintekile,” kubeka u-Gadebe.

Khonamanjalo, u-Commander In Chief (CIC), we-Economic Freedom Fighters (EFF), u-Julius Malema, uhambele imindeni epheshukelwe yizindlu e-Tembisa, nalapho efike wathembisa ukuthi amavolontiya e-EFF azolekelela ukuze kwakhiwe kabusha imikhukhu ephephukile.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: ER24

Related Posts