Sekuboshwe abangu-9 ngokubulawa kwamakhansela

Umnyango wezamaphoyisa usudalule ukuthi bayi-9 abantu asebeboshiwe mayelana nezigameko ezilokhu ziqhubeke njalo zokubulawa kosopolitiki abazomela amaqembu ezikhundleni zobukhansela njengoba kubhekwe okhethweni lohulumeni basekhaya mhlaka-3 August 2016.

uNgqongqoshe wamaphoyisa kuleli, uNkosinathi Nhleko, uthi sekubikwe amacala angama-25 ezifundazweni ezinhlanu kanti wonke ayamaniswa nepolitiki.

“Amacala ayi-14 kulawa ngawokubulala nokuzama ukubulala. Amabili awo ngamacala okushisa impahla,” kusho uNhleko.

Uqhube wathi bayisikhombisa abantu asebeboshiwe ngamacala okubulala kanti babili asebeboshiwe ngamacala okuzama ukubulala.

Ngaphezu kwalokho kuye kwaboshwa abantu abathathu ngokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni  kanti bayi-8 asebeboshiwe ngokudala udlame emphakathini.

Kusukela ngo-March 2016, sekube nezigameko eziningi zokubulawa kwalabo abaphakanyiselwe ukuba bamele amaqembu ezepolitiki ezikhundleni zobukhansela kumawadi ehlukene njengoba kuzoba nokhetho lohulumeni basekhaya mhlaka-3 August 2016.

Lezi zigameko zibikwe ezifundazweni ezehlukene, okubalwa kuzo, i-North West, i-Mpumalanga, i-Gauteng, i-Eastern Cape kanye ne-KwaZulu Natal (KZN). Kodwa iningi lazo zibikwe e-KZN.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Wikipedia.org

 

Related Posts