Ushiye kumapeketwane umoya onamandla eTembisa

Umoya onamandla ushiye kumapeketwane ezindaweni eziningi e-Tembisa, ngaphansi kwaMasipala wase-Ekurhuleni, e-Gauteng, ngoLwesibili.

Lokhu kwenzeke njengoba izingxenye eziningi zezwe bezihlaselwe yizimvula ezinamandla ezihambisana nezikhukhula, ukubanda nokukhithika kanye nomoya onamandla.

Umoya onamandla ugadle kwazwela emakhaya amaningi e-Tembisa kanye nenxanxathela yezitolo ekule ndawo, i-Phumulani Mall.

Ngokombiko wabosizo lokuqala, abakwa-ER24, bathi baphuthume e-Tembisa ngoLwesibili ntambama, emva kwesikhashana nje umoya onamandla udale umonakalo e-Phumulani Mall kanye nakwamanye amabhizinisi aseduzane.

“Abosizo lokuqala kanye nabatakuli bathole izingcucu zisaphazeke phansi endaweni yokupaka e-mall kanye nothayela ogobile ugingqike emnyango we-mall. Izimoto eziningi nazo zitholakale zilimele.

“Ekuqaleni imibiko etholakele ibithi kunenqwaba yabantu abebevaleleke ngaphansi kwezingcucu. Kodwake, ngenkathi kuhlolwa indawo yesigameko, abosizo lokuqala bathole abantu abathathu kuphela nokulimala okuncane. Kukholakala ukuthi ukulimala kwabo kudalwe ukuwa kwezingcucu,” kubika abakwa-ER24.

Abalimele kuthiwa balashelwe endaweni yesigameko ngaphambi kokuba baphuthunyiswe esibhedlela esiseduzane.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: ER24

 

Related Posts