Bangenele isiteleka abasebenzi abathutha u-petrol

Kunokwesabela ukuthi singase sigadle kuzwele emnothweni wezwe uma siqhubeka isiteleka sabasebenzi embonini ka-petrol esiqale ngoLwesine.

Kusukela ngoLwesithathu ebusuku, abashayeli bezimoto bebelokhu bematasatasa nokugcwalisa amathangi ezimoto zabo njengoba kunokwesabela ukuthi amathangi ka-petrol emagaraji azogcina esephelelwe u-petrol.

Balinganiselwa ku-15 000 abasebenzi abangenele isiteleka embonini ye-petrochemical  kanye neye-pharmaceutical, nabangaphansi kwenyunyana i-Chemical, Energy, Paper, Printing, Wood and Allied Workers Union (Ceppwawu).

Phakathi kwalaba basebenzi kubalwa labo abahluza uphethiloli, abashayela amaloli athutha uphethiloli kanye nalabo abalayisha uphethiloli emalolini.

Inyunyana, i-Ceppwawu, ifuna ukunyuselwa amaholo ngo-9% nokuthi abasebenzi abayitoho baqashwe ngokugcwele emva kwesikhathi esiyizinyanga ezintathu beqalile ukusebenza.

Ngakolunye uhlangothi umqashi yena ubeka u-7% etafuleni ngonyaka wokuqala kanye no-1.5% ngonyaka wesibili.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Publicdomainpictures.net

Related Posts