I-IEC ithi isilulungele usuku lokhetho

Inhlangano eyengamele ukhetho kuleli, i-Independent Electoral Commission (IEC) ithi isimi ngomumo njengoba iNingizimu Afrika isisalelwe yizinsuku ezine (4) kuphela ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya olubhekwe ngabomvu mhlaka-3 August 2016.

Oyi-Chief Electoral Officer kwa-IEC, u-Mosotho Moepya, uthi izinhlelo zabo zokuthutha kanye nezokuphepha sezimi ngomumo ukuqinisekisa ukuthi kuba nokhetho olungenazihibe.

NgoLwesithathu, i-IEC ibithula isikhungo sikazwelonke esizokhipha imiphumela yokhetho e-Pitoli kanti kulindeleke ukuthi siqale ukusebenza ngoLwesine e-Pitoli kanye nakwezinye izifundazwe.

u-Moepya uthi ukhetho olulandelayo kuzoba ngolukhulu kakhulu emlandweni we-Ningizimu Afrika ngenxa yesibalo esiphezulu sabantu ababhalisele ukungenela ukhetho.

“Ngazo zonke izibalo, lolu wukhetho oluphula amarekhodi. Siqophe u-26.3 million wabavoti ngalesi sikhathi sokhetho. Sithole isibalo esiyingqophamlando sezicelo zabavota ngokukhethekile sabangaphezu kwa-740 000, nesiphindeke kathathu kwesangokhetho lwango-2011,” kusho u-Moepya.

Ngokwe-IEC, angama-204 amaqembu ezepolitiki azobamba iqhaza okhethweni lwalo nyaka kanti bangama-63 654 abantu abangenele ukhetho.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Related Posts