Iphinde yahluleka iNFP enkantolo, angeke ilungenele ukhetho

Seliphinde lagqemeka enye futhi ingozi engeqiwa ntwala iqembu le-National Freedom Party (NFP) kulandela ukuchithwa yinkantolo yezokhetho okwesibili emizamweni yalo yokuthi livunyelwe ukuba yingxenye yokhetho lohulumeni basekhaya mhlaka-3 August 2016.

i-Electoral Court ikhiphe lesi sinqumo ebesibhekwe ngabomvu ngoLwesihlanu ebusuku kanti ngaphambilini iye yasigodla isinqumo ngalolu daba.

Kuzokhumbuleka ukuthi leli qembu lahoxiswa ekubeni yingxenye yokhetho yinhlangano eyengamele ukhetho kuleli, i-Independent Electoral Commission (IEC), kulandela ukuhluleka kwalo ukukhokha imali engu-R400 000, eyisibambiso kwa-IEC, ngaphambi kwesikhathi esingumnqamulajuqu, umhlaka-2 June 2016.

Emva kwalokho i-NFP yadlulisela lolu daba kwi-Electoral Court, nalapho yaphinde yakhala ngaphansi njengoba le nkantolo yachitha isicelo se-NFP sokuba kubuyekezwe isinqumo se-IEC, sokuhoxisa leli qembu okhethweni.

Noma kunjalo, leli qembu liphindele kuyo i-Electoral Court njengoba belikholwa ukuthi ubufakazi obusha elinabo ngesizathu esenza ukuthi lihluleke ukukhokha imali ngesikhathi buzolisa ukuze inkantolo ilivumele ukuba libe yingxenye yokhetho.

Kodwa-ke i-NFP izokwazi ukuba yingxenye yokhetho kuMasipala waseNquthu, KwaZulu Natali. Lokhu kungenxa yokuthi abaholi be-NFP eNquthu bakwazi ukukhokha ngesikhathi esifanele imali yokungenela ukhetho kwa-IEC.

Kubikwa ukuthi ayi-17 nje kuphela amakhansela leli qembu elizogadla ngawo eNquthu kanti abalelwa ngaphezu kwama-220 amawadi aphethwe yi-NFP ezweni lonke okuhlanganisa ne-Zululand District Municipality, okungumasipala leli qembu eliqhoqhobele izintambo kuwona.

Ngaphambilini i-IEC yakuqinisekisa ukuthi i-NFP izokwazi ukungenela ukhetho kuMasipala waseNquthu.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: www.nfp.org.za

 

Related Posts