Izimvula ezinamandla zidale ukunqamuka kwagesi

Izimvula ezinamandla ezishiye kukhalwa ezingxenyeni ezehlukene zeKwaZulu Natali ziphinde zadala ukunqamuka kwagesi ezindaweni eziningi ezakhele iTheku.

Lezi zimvula ezinamandla zaqala ngeSonto zaze zanqamuka ngoLwesithathu kanti bahlanu (5) abantu okuqinisekiswe ukuthi bashonile ngenxa yalezi zimvula.

Ngaphezu kwalokho kubikwe izigameko eziningi zokubhidlika kwezindlu kanye nokumuka kwabantu kanye nezimoto.

Ngokusho kwaMasipala weTheku, selokhu kuqale lezi zimvula izigameko zokuphazamiseka kwagesi ezibikiwe zinyuke zafinyelela ezinkulungwaneni.

uMasipala uthi imibiko yakamumva ikhomba ukuthi kusenezigameko eziyi-2 592 zokuphazamiseka kwagesi ongakalungiswa. Phakakathi kwezifunda ezikhahlamezeke kakhulu kubalwa i-Northern Region (472), i-North Western (374), i-Southern (607), i-Central (739), i-Western  (158) kanye ne-South Western (242).

“Amakhasimende amaningi abuyiselwa ngokushesha uma inkinga ilungiseka kalula, kodwa ezimweni lapho kunomonakalo omkhulu odalekile kwingqalasizinda, izikhathi zokucima zingadonsa,” kubika uMasipala.

Phakathi kwezinkinga okubikwa ukuthi zidalekile kubalwa ukuguguleka kwenhlabathi lapho kunezigxobo zikagesi nokuholele ekuweni kwezigxobo zikagesi kanye nezintambo zikagesi.

Izintambo zikagesi ezimbelwe ngaphansi komhlabathi nazo azisindanga kanti uMasipala uthi kungathatha isikhathi eside ukulungisa njengoba kufanele baqale bathole inkinga lapho ikhona kuqala bese kuyambiwa lapho kunenkinga khona.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Pixabay.com

Related Posts