IChiefs ibuyise izinduku ishaya iPirates ngo-2-0

i-Kaizer Chiefs ijikele i-Orlando Pirates esiswini njengotshwala ngenkathi lama qembu etholana phezulu emqhudelwaneni we-Carling Black Label Cup, ngoMgqibelo ntambama.

aMakhosi axebule eziMnyama ngamagoli amabili eqandeni kanti enze isiqiniseko sokuthi umdlalo awuqeda emizuzwini engu-90 kanye nemizuzu eyisithupha engezwe unompempe.

Kwi-Carling Black Label Cup kugadulisana i-Chiefs ne-Pirates kuphela kanti selokhu waqala lo mqhudelwano ngonyaka ka-2011 i-Chiefs ibihlale iwukudla kwenduku njengoba ibisanqobe kanye nje kuphela ekubeni izimbangi beseziwine kane.

Kodwa-ke ezikaMagebhula zifike inyanga iphelile kulo nyaka ka-2016 njengoba  i-Chiefs sekuyiyo ompetha abasha balo mqhudelwano.

Yize noma lama qembu eye ekhefini ebambene ngeqanda nhlangothi zombili, kodwa kuye kwashintsha ukudla epuletini ngesiwombe sesibili njengoba kuthe ngomzuzu ka-58 umdlali wasemumva, u-Eric Mathoho, wavalela phakathi ibhola elishaye epalini labuya emva kokuba u-Bernard Parker edonse unyazi.

Ngomzuzu ka-81 uMathoho uphinde watakula aMakhosi emlonyeni wengwenya ngenkathi evimba ibhola leziMnyama seliyodla inethi.

Emva kwemizuzu eyi-90, unompempe wengeze imizuzu eyisithupha kanti kuthe ngomzuzu ka-95 iziMpofana zashayela isipikili sokugcina njengoba u-Lewis Macha eshayele i-Chiefs igoli lesibili.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Kaizer Chiefs Facebook page

Related Posts