UMaimane ugxeke i-ANC ‘yaZuma’, wancoma i-ANC ‘yaMandela’

uMengameli we-Democratic Alliance (DA), u-Mmusi Maimane, ukhwele wadilika kwiqembu elibusayo, i-African National Congress (ANC) kanye noMengameli walo, ophinde abe nguMengameli wezwe, u-Jacob Zuma.

u-Maimane ubethula inkulumo njengoba i-DA ibibambe i-rally yayo yokugcina ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya, e-Dobsonville, e-Soweto, nokuyindawo u-Maimane akhulela kuyona.

Uncome igalelo likaMandela embusweni wentando yeningi kodwa wathi konke lokho okwakungamaphupho nemigomo kaMandela ngeNingizimu Afrika sekuvele kwashabalala ngaphansi kobuholi buka-Zuma.

u-Maimane uthi ngenkathi evota okokuqala wavotela i-ANC ngenxa yemibono kaMadiba wathi futhi kwakungekho ukungabaza ngalokho.

“Iqembu lika-Nelson Mandela, iqembu elasisiza lasikhulula,” kusho u-Maimane.

“Yingakho nje wonke umuntu engimaziyo avotela i-ANC ngaleso sikhathi, bakwenzela uMadiba. Kodwa futhi ngaleso sikhathi njengomuntu omusha, angikaze ngicabange ukuthi iqembu lika-Nelson Mandela, i-ANC, ingasilaxaza futhi ilaxaze imigomo yayo iphinde ilaxaze nabantu baleli zwe.

“Hheyi! Baqala baba noshintsho,” kubabaza uMaimane.

Uthi izinkinga zaqala ngokuthi kukhethwe uMengameli Zuma njengoMengameli we-ANC e-Polokwane, ngo-December 2007, wathi lokho kwasho ukuphela kwe-ANC ‘kaMandela’ kodwa kwabe sekuqala “inhlangano yamasela”.

u-Maimane ugxeke i-ANC ngaphansi kobuholi ba-Zuma ngenkohlakalo wathi futhi uhulumeni wayo usiza ngokwazana.

“Ngo-1994 sonke sathenjiswa impilo engcono. Futhi sakholwa ukuthi sasingayithola impilo engcono. Kodwa ngiyasaba namhlanje ukuthi leyo mpilo engcono sekube impilo engcono yabathile. i-ANC isijikile kuzo zonke izinto u-Nelson Mandela ayezimele,” kuqhuba u-Maimane.

 views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: DA Facebook page

 

Related Posts