Yisikhathi sokwenza kwi-ANC esakwenza kuhulumeni wobandlululo: Maimane

Umholi we-Democratic Alliance (DA), u-Mmusi Maimane, uthi sekuyisikhathi manje sokuthi abantu baseNingizimu Afrika benze eqenjini elibusayo, i-African National Congress (ANC), lokho abakwenza kuhulumeni wobandlululo.

u-Maimane ubethula inkulumo njengoba i-DA ibibambe i-rally yayo yokugcina ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya, e-Dobsonville, e-Soweto, nokuyindawo u-Maimane akhulela kuyona.

Uthi abantu bakuleli badayisiwe uhulumeni obusayo wathi futhi isimo siya ngokuba sibi kakhulu.

“Abantu bakuleli zwe badayisiwe yilo hulumeni wanamhlanje. Bavotele imisebenzi nezidingo kodwa okunalokho bathola okuningi ukungasebenzi kanye nenkohlakalo. Sekuyisikhathi sokuthi senze kwi-ANC lokho esakwenza kuhulumeni wobandlululo. Isikhathi soshintsho,” kusho u-Maimane.  

Uqhube wathi abantu baseNingizimu Afrika sekukubona ukuthi bazikhethele enye inkohlakalo, ukungasebenzi, ububha kanye nokungabi khona kwezidingo zomphakathi noma bakhethe uhulumeni ozodala amathuba emisebenzi, uqede inkohlakalo, uphinde ulethe izidingo zomphakathi kubo bonke abantu. Wathi alikho elinye iqembu elingenza lokho ngaphandle kwe-DA.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: DA Facebook page

 

Related Posts