UMalema ufuna kugadwe i-ANC ngokuntshotsha amavoti

u-Commander In Chief (CIC) we-Economic Freedom Fighters (EFF), u-Julius Malema, usedonse amavolontiya e-EFF ngendlebe ukuba avule amehlo ngesikhathi sokhetho ukuze agade ‘otsotsi’ abayiqembu elibusayo, i-African National Congress (ANC) ukuthi bangatshontshi amavoti.

uMalema ubekhuluma kumbuthano we-EFF wokugcina wokugaya ivoti e-Peter Mokaba Stadium, e-Polokwane, e-Limpompo, ngeSonto.

Lo mholi we-EFF sekukaningi esola i-ANC kanye nenhlangano eyengamele ukhetho kuleli, i-Independent Electoral Commission (IEC) ngokukhwabanisa amavoti okhethweni lukazwelonke ngo-2014 kanti uthi angeke besaphinde bakuvumele lokho. Unxuse amavolontiya e-EFF ukuba aqaphe ngeso lokhozi amavoti alabo abavota ngokukhethekile (special votes) ngoMsombuluko nangoLwesibili.

“Nonke, bameli beqembu, landelani u-IEC uma ngabe sebenza amavota akhethekile. Akumele nilale. Kusasa kanye nosuku olulandela olwakusasa. Mhlaka-3 August, bonke labo abathe bazovotela i-EFF kumela baqinisekise ukuthi baya eziteshini zokuvota mhlaka-3 August. Abamele iqembu akumele balale,” kuxwayisa uMalema.

Uqhube wathi labo abazobe bemele i-EFF akumele bathule uma bebona i-IEC ichema wathi kodwa kumele babikele ubuholi be-EFF obuphezulu ukuze bungenelele ngokushesha.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: EFF Facebook page

Related Posts