Amaphoyisa adubule abulala obesolwa ngamacala

Owesilisa okuthiwa ubefunwa uthuli ngamaphoyisa ngamacala ahlukene kusolwa ukuthi uthelwe othulini ngenhlamvu amaphoyisa, washona.

Ngokombiko wamaphoyisa, kubikwa ukuthi lesi sigameko senzeke ngoLwesihlanu, ngezikhathi zabo-20:45, ebusuku.

Amaphoyisa aseNanda kubikwa ukuthi abeqhuba umkhankaso wokulwa nobugebengu kule ndawo ngenkanthi elandela umkhondo ngalo msolwa okuthiwa ubefunelwa inqwaba yamacala okubalwa kuwo ukuphanga kanye nokugqekeza ezindlini.

 Amaphoyisa athi abone lo msolwa endaweni yase-Nhlungwane, eNtuzuma, abe eseya kuyena.

“Umsolwa kusolakala ukuthi udubule ebhekise emaphoyiseni bese amaphoyisa aphindisela ngokudubula, walimala emlenzeni. Ukwazile ukubaleka endaweni yesigameko kanti amaphoyisa acele usizo ngenkathi esukela umsolwa,” kubika amaphoyisa.

Kubikwa ukuthi umsolwa ugcine empintshelwe ekhoneni ngamaphoyisa emva kokuthi amaphoyisa ethole ukulekelelwa ngamanye kanti amaphoyisa amsola ngokuthi uqhubekile nokudubula ebhekise kuwona, nawo abe esephendula ngalo izulu lezandla.

“Kusolakala ukuthi udutshulwe wabulawa,” kuqhuba amaphoyisa.

Umsolwa uhlonzwe njengo-Sandile Buthelezi, obeneminyaka engama-24 ubudala, kanti kuthiwa ubedume ngelika-‘Mseti’.

 Amaphoyisa amsola ngobugebengu obenzeka KwaMashu, eNtuzuma kanye naseThekwini kanti athi utholakale nesibhamu esingekho emthethweni sohlobo lwe-9mm kanye nezinhlamvu ezintathu zesibhamu.

Amaphoyisa aseNtuzuma avule icala lokuzama ukubulala kanye nelokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni kanye nenhlamvu.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Wikipedia.org

 

Related Posts