Ukuvota kwalabo abavota ngokukhethekile (special votes) kuqalile ngoMsombuluko kuze kube uLwesibili njengoba i-Ningizimu Afrika izobamba ukhetho lohulumeni basekhaya ngoLwesithathu mhlaka-3 August 2016.
Ngokusho kwenhlangano eyengamele ukhetho kuleli, i-Independent Electoral Commission (IEC), zingama-719 222 izicelo zokuvota ngokukhethekile ezivunyelwe okuhlanganisa u-40% wabazovotela emakhaya kanye nabangama-56% abazovotela eziteshini zokuvota ezweni lonke.
Ukuvota ngokukhethekile okwabantu abasuke bengeke bakwazi ukuya eziteshini zokuvota ngosuku lokuvota ngezizathu ezehlukene.
u-IEC uthi ezindaweni eziningi ukuvota kuqale ngesikhathi kanti isikhathi sokuvala ngu-5pm.
Ngokwe-IEC, zibe mbalwa izigameko lapho ukuvota kungaqalanga ngesikhathi kanti kwezinye izigameko kuze kwashaya u-11am ukuvota kungaqalile.
Oyi-Chief Electoral Officer, kwa-IEC, u-Mosotho Moepya, uthi kwezinye zalezi zigameko abasebenzi abathathu bakwa-IEC babandakanyeke ezingozini zezimoto ezintathu ezehlukene ngenkathi besezindleleni beya eziteshini zokuvota e-Limpompo, iseMpumalanga kanye naKwaZulu Natali.
Okunye okuphinde kwaphazamisa ukuvota ukuthunyelwa kwamaphepha okuvota okungesiwona awakulezo ziteshi zokuvota.
u-IEC uphinde wakhala ngemibhikisho kwezinye izindawo neholele ekutheni ukuvota kungaqali ngesikhathi ngenxa yokuthi abasebenzi bakwa-IEC bebengakwazi ukungena eziteshini zokuvota.
Phakathi kwezindawo okube nemibhikisho kuzona kubalwa u-ward 8 (e-Ratlou Municipality – North West), u-ward 11 (Emfuleni), u-ward 6 kanye no-ward 16 (e-Midvaal – e-Gauteng).
Ezinye kube u-ward 1 (Umzimkhulu –KwaZulu Natali), ward 19 (eMbizana) kanye no-ward 16 (Ntabankulu – e-Eastern Cape).
Izimvula ezinamandla nazo zidale ukuthi kungangeneki kwezinye zeziteshi e-Eastern Cape kanti kudingeke ukuba kufakwe amatende esikhashana.
Image: Wikipedia.org