Sekuqediwe ukuvota ngokukhethekile

Uhlelo lokuvota kwalabo abavota ngokukhethekile (special votes) luphothuliwe ngoLwesibili njengoba sekuqale ukuvota kwawo wonke umuntu.

Ukuvota kwabavota ngokukhethekile kuqale ngoMsombuluko, kwaphothulwa ngoLwesibili kanti bekuvota abantu abafake izicelo kwinhlangano eyengamele ukhetho kuleli, i-Independent Electoral Commission (IEC) ngezizathu ezehlukene zokungakwazi ukuya eziteshini zokuvota ngosuku lokuvota, umhlaka-3 August 2016.

Ngokusho kwenhlangano eyengamele ukhetho kuleli, i-Independent Electoral Commission (IEC), zingama-719 222 izicelo zokuvota ngokukhethekile ezivunyelwe okuhlanganisa u-40% wabazovotela emakhaya kanye nabangama-56% abazovotela eziteshini zokuvota ezweni lonke.

NgoMsombuluko, i-IEC, ibike ukuthi zibe mbalwa izigameko lapho ukuvota kungaqalanga ngesikhathi kanti kwezinye izigameko kuze kwashaya u-11am ukuvota kungaqalile.

Ukubalwa kwamavoti alabo abebevota ngokukhethekile kulindeleke ukuba kuqale uma sekuqedwe ukuvota kwangoLwesithathu, mhlaka-3 August 2016.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Wikipedia.org

 

 

Related Posts