Abaholi bamaqembu bafake amavoti abo

Abaholi bamaqembu ahlukahlukene ezepolitiki bavote ngokuhlukana ezindaweni abahlala kuzona njengoba iNingizimu Afrika ibibambe ukhetho lohulumeni basekhaya ngoLwesithathu, mhlaka-03 August 2016.

uMengemeli wezwe, nophinde abe nguMengameli we-African National Congress (ANC), u-Jacob Zuma, uye wavota esikoleni samabanga aphansi, i-Ntolwane Primary School, KwaNxamalala, e-Nkandla, KwaZulu Natali.

uZuma ufike wama kulayini njengawo wonke umuntu kanti ubehambisana namakhosikazi akhe. Ukubeke kwacaca ukuthi uvotele i-ANC, iqembu angumholi walo.

Umholi we-Democratic Alliance (DA), u-Mmusi Maimane, yena uvotele esikoleni, i-Allen Glen High School, e-Roodepoort, e-Johannesburg, e-Gauteng.

u-Maimane uthi intando yeningi isho ukuthi abantu bayakwazi ukuzikhethela uhulumeni babuye bamukhiphe emandleni ukuze bafake omunye.

Ngakolunye uhlangothi umholi we-Economic Freedom Fighters (EFF), u-Julius Malema, naye uvotele esikoleni samabanga aphansi, i-Mponegele Primary School, e-Seshego, e-Limpompo.

Babalelwa ngaphezu kwama-26 million abavoti ababhalisele ukuvota kanti ngaphezu kwalokho inhlangano eyengamele ukhetho kuleli, i-Independent Electoral Commission (IEC), ithi kube nokunyuka kwisibalo samaqembu angenele ukhetho (204) kanye nalabo abangenele ukhetho ngokuzimela (855) uma kuqhathaniswa nonyaka ka-2011.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Wikipedia.org

 

Related Posts