I-ANC ingase ilahlekelwe omasipala abakhulu

Iqembu elibusayo, i-African National Congress (ANC), lingase lilahlekelwe ngomasipala abakhulu uma ligcina ngokuhluleka ukuthola amavoti angama-50% kubona.

Izibalo zakamumva zikhomba ukuthi i-ANC isathole amavoti angaphansi kwa-50% komasipala abangama-metro futhi abebephethwe iyona.

e-Nelson Mandela Bay, i-Democratic Alliance (DA) iyona ezihola phambili ngamavoti, ngokwemiphumela yakamumva, njengoba isathole amavoti angama-337 881 (46.88%); ilandelwe yi-ANC ngamavoti angama-294 005 (40.80%); bese kuthi endaweni yesithathu kulandele i-Economic Freedom Fighters (EFF), yona ihlezi endaweni yesithathu ngamavoti angama-36 368 (5.05%).

e-Johannesburg, nakhona i-DA iyona esahamba phambili ngamavoti angama-508 454 (42.05%); bese ilandelwa eduze  yi-ANC ngamavoti angama-505 400 (41.79%); bese kuthi endaweni yesithathu kube yi-EFF, ngamavoti angama-134 474 (10.77).

e-Tshwane, nakhona kusenguqhude manikiniki phakathi kwe-DA ne-ANC yize noma i-DA ihamba phambili ngamavoti angama-422 212 (44.03%); ilandelwe yi-ANC ngamavoti angama-400 218 (41.73); bese kuthi endaweni yesithathu kube yi-EFF ngamavoti angama-98 845 (10.31%).

e-Ekurhuleni, i-ANC isahamba phambili ngamavoti angama-571 157 (46.92%); bese ilandelwa yi-DA ngamavoti angama-445 143 (36.56%); endaweni yesithathu yi-EFF ngamavoti angama-134 854 (11.08%).

i-EFF kubukeka kuyiyo ephethe izikhiye zokuthi i-DA ihlwithe i-ANC omasipala abahlukene ezweni lapho i-ANC ithole khona amavoti angaphansi kwa-50%.

Womabili lama qembu, i-DA kanye ne-EFF, sebekusho kaningi ukuthi abazimisele ukusebenzisana noKhongolose bathi kodwa bazosebenzisana namanye amaqembu aphikisayo.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.cod.za

Image: Wikipedia.org

 

Related Posts