I-DA iyayichitha eyokusebenzisana ne-ANC

Umholi we-Democratic Alliance (DA), u-Mmusi Maimane, usekuchithile ukuqagula mayelana nokuthi leli qembu lingase lisebenzisane yini neqembu elibusayo, i-African National Congress (ANC), komasipala abathile uma ngabe lingekho iqembu elinqoba ngokungaphezu kwa-50%.

Lokhu kuza njengoba kuya kufika emaphethelweni ukubalwa kwamavoti komasipala abahlukene abakhulu ezweni lonke kulandela ukhetho obelubhekwe ngabomvu lohulumeni basekhaya mhlaka-3 August 2016.

Komasipala abaningi, okubalwa labo abangama-metro nabebephethwe yi-ANC, kubukeka lingeke libe khona iqembu elizonqoba ngo-50% noma ngaphezulu ukuze likwazi ukuphatha lodwa – nokusho ukuthi amaqembu okuyiwona ahamba phambili, i-ANC kanye ne-DA, bazodinga ukusebenzisana namanye amaqembu ukuze bakwazi ukuphatha.

Phakathi komasipala abebephethwe yi-ANC kodwa esahlulekile ukuthola amavoti angaphezu kwa-50, ngokwemiphumela engakaphothulwa, kubalwa-i-Nelson Mandela Bay (e-Eastern Cape), i-Johannesburg, i-Tshwane, kanye ne-Ekurhuleni (e-Gauteng). Bonke labo masipala bangama-Metro.

i-DA isamile kulokhu eyakusho ngaphambi kokhetho ukuthi ingasebenzisana namanye amaqembu aphikisayo uma kunesidingo, kodwa angeke ize isebenze ne-ANC.

u-Maimane uthi njenge-DA basalinde ukuthi kuphume yonke imiphumela yokhetho ngaphambi kokuba banqume ukuthi yimaphi amaqembu abangasebenzisana nawo, kodwa-ke ukubeke kwacaca ukuthi angeke basebenzisane ne-ANC.

“Angeke sibafake ababusayo. Laba abakuhulumeni njengamanje angeke sakwazi ukusebenza nabo ngoba asikwazi ukuqhuba ukhetho sithi ushintsho bese sisebenza nohulumeni okhona njengamanje. Ngakho angeke siyifake i-ANC ngokuphelele, kodwa sizobheka zonke ezinye izindlela,” kusho u-Maimane.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: DA Facebook page

Related Posts