I-DA isihlwithe neTshwane kwi-ANC

Iqembu elibusayo, i-African National Congress (ANC), seliphinde lagqemeka enye ingozi engeqiwa ntwala kulandela ukuhlulwa komunye futhi umasipala oyi-metro, i-Tshwane, nalapho lihlulwe khona yi-Democratic Alliance.

Lokhu kuza emva kokuphuma kwemiphumela yokhetho lohulumeni basekhaya ngoMgqibelo, kulandela ukhetho ubelushisa phansi ikakhulukazi komasipala abangama-metro, okuyi-Nelson Mandela Bay, i-Johannesburg kanye nayo i-Tshwane.

Ngokwemiphumela ekhishwe yinhlangano eyengamele ukhetho kuleli, i-Independent Electoral Commission (IEC), i-DA iyona ehambe phambili ngamavoti e-Tshwane njengoba ithole angama-762 190 (43.11%), ilandelwa eduze yi-ANC ngamavoti angama-728 652 (41 22%), kanti i-Economic Freedom Fighters (EFF) yona isendaweni yesithathu ngamavoti angama-206 884 (11.70%).

Njengoba lingekho iqembu elithole amavoti angaphezu kwa-50% ukuze liphathe lodwa, abukeka emaningi amathuba okuthi i-DA iphathe i-Tshwane ngokubambisana ne-EFF ukuze bahlanganise u-50%.

i-DA ne-EFF sebesho kaningi ukuthi abazimisele neze ukusebenzisana ne-ANC kanti bathi abanankinga nokusebenzisana namanye amaqembu aphikisayo.

Okunye okuphinde kufake usawoti enxebeni le-ANC ukuthi i-Tshwane iyona nhlokodolobha (capital city) yezwe kanti futhi yilapho kukhona nezindlu zombuso, i-Union Building, nokuyilapho kunamahhovisi aMengemeli wezwe, u-Jacob Zuma, ophinde abe nguMengameli we-ANC.

Ukuhlulwa kwe-ANC e-Tshwane kusho ukugqemeka ingozi njengoba leli qembu belisazikhotha amanxeba ngokuhlulwa kwalo komunye umasipala oyi-metro, i-Nelson Mandela Bay, e-Eastern Cape.

i-Nelson Mandela Bay nayo ihlwithwe yi-DA njengoba ihambe phambili ngamavoti angama-355 471 (46.71%) bese kulandela i-ANC ngamavoti angama-311 416 (40.92%). Nakhona maningi amathuba okuthi i-DA iphathe ngokubambisana ne-EFF, njengoba yona ithole amavoti angama-38 951 (5.12%).

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Wikipedia.org

 

Related Posts