I-EFF iphika eyokuyalela i-ANC ukuba ixoshe uZuma

i-Economic Freedom Fighters (EFF) isiyichithile imibiko yokuthi isiyalele iqembu elibusayo, i-African National Congress (ANC) ukuba lixoshe ngokushesha uMengameli wezwe, nophinde abe ngu-Mengameli we-ANC, u-Jacob Zuma, uma i-ANC ifuna lama qembu esebenzisane komasipala  abebephethwe yi-ANC kodwa ehlulekile ukuthola amovoti angaphezu kwa-50% ukuze ibaphathe yodwa.

Imiphumela yokhetho lohulumeni basekhaya obelushisa phansi isiphume yonke kanti i-ANC ihluleke yancama ukuthola okungenani amavoti angama-50% kwabanye bomasipala abangama-metro nokuyiphoqa ukuthi isebenze ngokubambisana (coalition) namaqembu aphikisayo.

Kwabanye bomasipala kuphoqa ukuthi i-ANC isebenzisane ne-DA noma ne-EFF ukuze ikwazi ukuphatha ngenxa yokuthi iwona amaqembu anamavoti amaningana.

Isibonelo salokhu ise-Tshwane, nalapho i-DA ithole u-43.11% wamavoti, bese ilandelwa yi-ANC ngo-41.22%, kanti endaweni yesithathu yi-EFF ngo-11.70%.

i-DA kanye  ne-EFF sebekusho kaningi ukuthi bazimisele ukusebenzisana namaqembu aphikisayo kodwa bathi abazimisele nakancane ukusebenza ne-ANC.

Okhulumela i-EFF kuzwelonke, uMbuyiseni Ndlonzi, uyichithile imibiko yokuthi bayalele i-ANC ukuba ixoshe uZuma njengombandela wokuthi i-EFF isebenze ngokubambisana ne-ANC ukuze i-ANC iqhubeke iphathe komasipala.

Ekhuluma nomsakazo, i-SA fm, uNdlozi uthe i-ANC kumele ixoshe uZuma ngoba yenzela abantu baseNingizimu Afrika, hhayi ngoba ifuna ukuhlala emandleni.

“Abantu bayazi ukuthi azikho izinkulumo ezinjalo. Asikabi nezingxoxo ngokusemthethweni, futhi uma siba nazo angeke sibe nazo ngasese, sizokhuluma ngokhulu ukuvuleleka ngazo.

“Futhi uma kuwukuthi i-ANC iyona nto efuna ukuyenza (ukuxosha uZuma), kumele ikwenzele abantu baseNingizimu Afrika, hhayi ngoba ifuna ukuhlala emandleni. Thina ngokwethu, njengoba sazi, asizimisele nhlobo ukusebenza ne-ANC noma yikuphi ngoba abantu baseNingizimu Afrika sebeyichithile i-ANC.

“uZuma kwakumele ehle njengoMengameli wezwe emva kwesinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo, esathi uphule izifungo zakhe zehhovisi, futhi ngalokho uphule uMthethosisekelo,” kubeka uNdlonzi.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: EFF Facebook page

 

Related Posts