Kuzocacisa izingxoxo ngabazophatha komasipala abakhulu

Imiphumela yezingxoxo phakathi kwemaqembu ezepolitiki ahlukene iyona ezoqeda ukuqagula ngokuthi yimaphi amaqembu azoqhoqhobala izintambo komasipala abahlukene, ikakhulukazi labo abangama-metro, kulandela ukhetho lohulumeni basekhaya obelushisa phansi ngoLwesithathu.

Ngokwemiphumela yenhlangano eyengamele ukhetho kuleli, i-Independent Electoral Commission (IEC), iqembu elibusayo, i-African National Congress (ANC), lihluleke lancama ukuthola okungenani amavoti angaphezu kwa-50% kwabanye bomasipala abangama-metro okubalwa kubo i-Nelson Mandela Bay (Eastern Cape), i-Tshwane, i-Johannesburg kanye ne-Ekurhuleni  (e-Gauteng).

e-Nelson Mandela Bay, i-DA ithole u-46.71%, i-ANC yathola u-40.92%, kwathi i-EFF yona yathola u-5.12%.

e-Tshwane, i-DA ithole u-43.11%, i-ANC yathola u-41.22%, kanti i-EFF yona ithole u-11.70%.

e-Johannesburg, i-ANC ithole u-44.55%, i-DA yathola u-38.37%, kanti i-EFF yona ithole u-11.09%.

e-Ekurhuleni, i-ANC ithole u-48.64%, i-DA yathola u-34.15%, kwathi i-EFF yona yathola u-11.23%.

Akwaziwa ukuthi iyozala nkomoni ngemiphumela yezingxoxo njengoba i-DA ne-EFF bethi bazimisele ngokusebenzisana namaqembu aphikisayo kodwa sebekubeke kwacaca ukuthi abazimisele nhlobo nokusebenzisana ne-ANC.

Lokhu kwenza ukuthi abukeke emaningi amathuba okuthi i-DA igcine isebenzisane ne-EFF ngenxa yokuthi womabili lama qembu afuna ukuqinisekisa ukuthi uKhongolose uyaphuma emandleni kanti futhi awafuni ukuzihlanganisa nawo (uKhongolose) njengoba benombono wokuthi abavoti baya ngokuya bephelelwa wuthando lwe-ANC.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Wikipedia.org

 

Related Posts