Isibalo somasipala basemakhaya eNingizimu Afrika sesinciphe safinyelela kuma-205 kulandela ukhetho lohulumeni basekhaya lonyaka ka-2016 obelungoLwesithathu.
Lokhu kuvezwe yikomidi ebelibhekelele ukhetho kuhulumeni kulandela ukhetho obelushisa phansi lokuphatha amawadi kanye nomasipala abahlukene ezweni.
Kodwa-ke uSihlalo waleli komidi, nophinde abe nguNgqongqoshe wezokubusa ngokubambisana kanye nezindaba zomdabu, u-David Van Rooyen, uthi omasipala abayi-8 abangama-metropolitan kanye nabangama-44 abangama-district bona abathintekanga kulokhu kuncipha kwesibalo, nokusho ukuthi kunciphe kuphela isibalo somasipala basekhaya (local municipalities).
“Isibalo somasipala basemakhaya sesinciphe ngo-21, kuya ku-205 kanti manje sesinomasipala abangama-257 sebebonke ezweni lonke,” kusho u-Van Rooyen.
Leli komiti ebelibhekelele ukuhlelwa kokhetho kuhulumeni liphinde labonga abantu baseNingizimu Afrika ngokuthi babambe iqhaza ekuvoteni.
Image: Wikipedia.org