Kuboshwe nephoyisa likamasipala ngokubulawa kukasomabhizinisi

Iphoyisa likamasipala libalwa nabasolwa abane ababoshwe mayelana nezinsolo zokubulala usomabhizinisi  e-Berea, eThekwini.

Ngokombiko wamaphoyisa lesi sigameko senzeke mhla lulunye ku-August 2016, ngezikhathi zabo-08:00 ekuseni, khona e-Berea.

Kubikwa ukuthi isidumbu sika-Hoosen Dodha, owayeyimenenja kwelinye lamabhizinisi eliku-Cowey Road, e-Berea, satholakala sinamanxeba okudutshulwa emzimbeni. Kusolwa nokuthi kwaphinde kwebiwa impahla ethile kuleli bhizinisi.

Amaphoyisa athi kwatholakala amagobolondo ayi-7 ezinhlavu zesibhamu sohlobo lwe-9mm endaweni yesigameko.

“Abasolwa abaneminyaka ephakathi kwengama-21 kanye nengama-32 baboshiwe futhi bazobekwa amacala okubulala nokuphanga,” kubika amaphoyisa.

Mhla zinhlanu ku-August 2016, amaphoyisa nonogada benkampani yonogada ezimele balandela umkhondo owaholela ekuboshweni kwabasolwa abathathu, okuhlanganisa nephoyisa likamasipala.

NgoLwesibili ekuseni, amaphoyisa ophiko lwe-K9 unit abophe umsolwa wesine ngokubambisana nenkampani yonogada, i-Magma Security and Investigations.

Kubikwa ukuti umsolwa uboshelwe e-Nodwengeni, e-Applebosch, nokuyilapho okuthiwa ubecashe khona.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Pixabay.com

 

Related Posts