Kushone unogada kudutshulwana ‘nezigebengu’

Kudutshulwe kwabulawa unogada ngenkathi kutholana phezulu ngenganono onogada kanye nabasolwa okusolakala ukuthi bebezophanga ibhizinisi endaweni yabadla izimbane likapondo e-Ballito, KwaZulu Natali.

Ngokombiko wabakwa-South African Police Service (SAPS), lesi sigameko senzeke ngoLwesibili, ngezikhathi zabo-06:30 ekuseni, khona e-Ballito.

Kubikwa ukuthi labo nogada baphuthume endaweni yesigameko emva kokukhala kwe-alarm endaweni obekuphangwa kuyo ibhizinisi.

Amaphoyisa athi bathe bangafika labo nogada, iqulu labasolwa lavulela ngezulu lezandla kubona.

“Ngenkathi befika endaweni yesigameko iqulu labasolwa livulele ngenhlamvu lalimaza unogada lambulala kwathi omunye wathola ukulimala. Abasolwa babalekile endaweni yesigameko nge-Mercedes C class emhlophe,” kubika amaphoyisa.

Amaphoyisa aseMhlali kuthiwa abasukelile abasolwa nokuphethe ngokuthi imoto yabasolwa ime e-Tongaat toll plaza.

“Umsolwa oyedwa obelimele uboshiwe ngenkathi abanye bebaleke ngezinyawo. Amaphoyisa asabheka abanye abasolwa. Imoto ababaleke ngayo itholakele kanye nama-computer ebiwe,” kuqhuba amaphoyisa.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: SAPS

 

Related Posts