Liyaqhubeka nokuqina irandi ngemuva kokhetho

Alokhu eqhubeke njalo nokudlondlobala amandla erandi laseNingizimu Afrika kulandela ukhetho lohulumeni basekhaya obelumhla zintathu ku-August 2016.

Ngokusho kwaSomnotho waka-Standard Bank, u-Kim Silberman, uthi lokhu kunyuka kwerandi kudalwe okwenzeka emhlabeni wonke kanye nokuthi ukhetho lwakamumva belungolukhululekile futhi lunobulungiswa.

NgoLwesine irandi belingu-R13.34 uma liqhathaniswa nedola laseMelika, libe ngu-R14.88 uma liqhathaniswa ne-Euro bese liba ngu-R17.29 uma liqhathaniswa nopondo wase-Britain.

Eminyakeni eyedlule iNingizimu Afrika bekuyiyona ehleli esicongweni ngokuba nomnotho omkhulu okuwadlula wonke amazwe asezwenikazi, i-Afrika.

u-Silberman uthi lokhu kudlondlobala kwerandi kuyizindaba ezinhle eNingizimu Afrika kanti kuyizinkomba zokuthi abatshali bezimali emhlabeni jikelele banokuyethemba i-Reserve Bank.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Commons.Wikipedia.org

 

Related Posts