Azovela amaphoyisa angu-10 aboshelwe inkohlakalo

Amaphoyisa ayishumi (10) asolwa ngenkohlakalo ethinta ukushushumbiswa kwezidakamizwa kulindeleke ukuba avele enkantolo yeMantshi yase-Bergville kanye nase-Ladysmith ngoMsombuluko.

 Ukuboshwa kwalaba basolwa kulandela uphenyo obeluqhutshwa mayelana nokushushumbiswa  kwensangu e-Bergville.

Ngokusho kwabakwa-South African Police Service (SAPS), ngenkathi kwenziwa uphenyo kuye kwavela ukuthi amaphoyisa ahlangene nezigebengu kanti ngezinye izikhathi abezilekelela ukuthi zishushumbise izidakamizwa.

“Emva kophenyo olunzulu, abasolwa baboshwe ngokushesha izolo (ngoLwesithathu) ngabaseshi besifundazwe kanye nezinye izinhlaka zemikhankaso,” kubika amaphoyisa.

Abasolwa balinganiselwa eminyakeni ephakathi kwengama-30 kanye nengama-55 ubudala kanti kubikwa ukuthi banikezwa izincwadi ngokushesha ezibazisa ukuthi sebemisiwe embuthweni wakwa-South African Police Service (SAPS).

Lama phoyisa ayishumi aboshiwe abetshalwe eziteshini ezisenhla nase-Tugela, ise-Matsheni kanye nase-Bergville.

NgoLwesine abevele enkantolo yeMatshi e-Bergville kanye nase-Ladysmith ngamacala enkohlakalo, nalapho ededelwe khona ngebheyili ka-R1000 umuntu ngamunye.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Wikipedia.org

 

Related Posts