Kushone owayenguNgqongqoshe, uMakhenkesi Stofile

Usedlulile emhlabeni lowo owayenguNgqongqoshe wezemidlalo eNingizimu Afrika, u-Arnold Makhenkesi Stofile.

U-Stofile ushone ngoMsombuluko kodwa bekungakacaci ukuthi kube yini imbangela yokushona kwakhe.

Wazalwa mhla zingama-27 December 1944 e-Winterberg District, e-Adelaide, e-Eastern Cape.

Ushone eyi-Chancellor e-University of Fort Hare kanti ngaphambi kwalokho wayeyinxusa laseNingizumu Afrika ezweni lase-Germany.

U-Stofile waba nguSotswebhu wokuqala weqembu elibusayo, i-African National Congress (ANC), ephalamende ngonyaka ka-1994 kanti ngaphambi kokuba abe nguNgqongqoshe wezemidlalo wabanguNdunankulu wesifundazwe, i-Eastern Cape.

Khonamanjalo, uMengameli wezwe, u-Jacob Zuma, usedlulise amazwi enduduzo emndenini kanye nabangani baka-Stofile kulandela ukudlula kwakhe emhlabeni.

UMengameli uZuma uchaze uStofile njengomuntu obezinikele ekusebenzeleni abantu futhi obengenakho ukuthi umsebenzi awunikiwe mncane noma mkhulu.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Who is Who in Southern Africa

 

 

 

Related Posts