Owesifazane ‘ubanjwe nezidakamizwa’ ezingabiza u-R2 million

Owesifazane ongowokudabuka ezweni lase-Venezuela zimkhalele ngezinsolo zokuzama ukushushumbisa izidakamizwa zohlobo lwe-cocaine esikhumulweni sezindiza, i-OR Tambo International Airport, e-Ekurhuleni, e-Gauteng.

Ngokusho kwabakwa-South African Revenue Services (SARS) lo wesifazane ubeqhamuka ezweni lase-Brazil kanti uboshwe emva kokumiswa kanye nokuseshwa yizikhulu zezokuqoqwa kwentela.

“Izikhulu eziqoqa intela kwa-SARS zivimbe owesifazane wase-Venezuela ezama ukushushumbisa amashubhu ayi-100 e-Cocaine, anesisindo esicishe sibe ngu-8kg futhi esilinganiselwa ku-R2.0 million, e-OR Tambo International Airport izolo,” kusho abakwa-SARS.

Baqhube bathi lo wesifazane unikelwe emaphoyiseni ukuze kuphenywe kabanzi nokuthi ashushiswe kanti uzovela enkantolo ngoLwesibili.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: youtube.com

 

Related Posts