Uhulumeni uphika isinqumo ngokunyuka kwemali emanyuvesi

UMnyango wezemfundo ephakeme kuleli usuyichaze njengamampunge nedukisayo imibiko ethi uhulumeni wakuleli usuvele usithathile isinqumo mayelana nokuthi izonyuka yini, noma izonyuka ngamalini imali yokufunda ezikhungweni zemfundo ephakeme ngonyaka ka-2017.

UNgqongqoshe wemfundo ephakeme, u-Blade Nzimande, uthi ngenxa yokushayisana kwemibono ngodaba lokunyuswa kwemali kubalulekile ukuthi kube khona ukuvumelana.

“Imibiko engamanga yokuthi uhulumeni usenqumile vele ngalolu daba ayidukisi kuphela kodwa idala umonakalo omkhulu ezingxoxweni ezisentekenteke zezinhlaka eziqhubekayo,” kusho uNzimande.

Uqhube wathi uzoqhubeka nokuxhumana nozakwabo eminyangweni ehlukene kahulumi ukuze kutholwe isixazululo sesikhathi eside.

Umkhandlu wemfundo ephakeme uphakamise ukuthi imali yokufunda ezikhungweni zemfundo ephakeme inyuke ngo-6% ngonyaka ka-2017.

Ngakolunye uhlangothi, izinhlangano ezehlukene zabafundi sezixwayise uhulumeni ngokuthi uma nje uke wathatha isinqumo sokunyusa imali yokufunda ngonyaka ka-2017 bazomisa nse ukufunda kanye nokufundisa ezikhungweni zemfundo ephakeme.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Commons.Wikipedia.org

 

Related Posts