I-DA ne-EFF bazomemezela izinqumo ngokusebenzisana komasipala

Amaqembu aphikisayo kuleli, okuyi-Democratic Alliance (DA) kanye ne-Economic Freedom Fighters (EFF) kulindeleke ukuthi abambe izithangami nabezindaba ngoLwesithathu nalapho ezobe ememezela ukuthi yimaphi amaqembu azosebenzisana nawo komasipala lapho lingekho iqembu elinqobe ngamalengiso.

Kuzokhumbuleka ukuthi emva kokhetho lohulumeni basekhaya obelumhlaka-3 August 2016 kwaba nomasipala abaningi lapho lingekho iqembu elaphumelela ngamalengiso ukuze likwazi ukuphatha lodwa.

Kulabo masipala kubalwa omasipala abangama-metro, nokuyi-Nelson Mandela Bay, i-Johannesburg kanye ne-Tshwane.  Lokhu kusho ukuthi amaqembu kuzomele asebenze ngokubambisana ukuze akwazi ukuphatha.

E-Nelson Mandela Bay i-ANC yathola u: 40.92%, i-DA:46.71%, i-EFF: 5.12%); e-Tshwane, i-ANC yathola u: 41.25%, i-DA: 43.15%, i-EFF: 11.63%); e-Johannesburg, i-ANC yathola: 44.55%, i-DA: 38.37%, i-EFF: 11.09%); kwathi e-Ekurhuleni i-ANC yathola u: 48.64%, i-DA: 34.15%, i-EFF: 11.23%.

Yize noma sekube kuningi ukuqagula ngemiphumela yezingxoxo zokusebenzisana kwamaqembu kodwa i-DA kanye ne-EFF bebelokhu bemile kwelokuthi abazimisele nakancane ukuthi basebenzisane ne-ANC.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Commons.Wikipedia.org

 

Related Posts