Ugwetshiwe umlisa (40) ngokudlwengula isihlobo (7)

Ugwetshwe udilikajele owesilisa oneminyaka engama-40 ubudala emva kokulahlwa yicala lokudlwengula intombazanyana eneminyaka eyi-7 ubudala, eyisihlobo sakhe.

Lokhu kulandela isigameko samhla zingama-29 April 2012, ngezikhathi zabo-08:00 ekuseni.

 Kubikwa ukuthi umama wale ntombazanyana wayefuna ukuhlola ukuthi indodakazi yakhe yayiseyiyo yini intombi nto nalapho okwabe sekubhoboka khona ithumba ngenkathi le ntombazanyana ibikela umama wayo ukuthi yadlwengulwa umlisa oyisihlobo sayo izikhathi eziningi.

“Watshela umama wakhe ukuthi umsolwa, oyisihlobo sakhe, wamdlwengula izikhawu eziningi futhi akasazi ukuthi kukangaki ekhaya,” kubika amaphoyisa.

Umsolwa waboshwa emva kophenyo kulandela ukuvulwa kwecala esiteshini samaphoyisa eManzimtoti. Ubelokho evela izikhathi eziningi enkantolo yesifunda eMlazi kwaze kwaba ulahlwa yicala wabe esegwetshwa udilikajele.

UKhomishana wamaphoyisa KwaZulu Natali, u-Lieutenant General Mmamonnye Ngobeni, uthi bazoqhubeka nokuvalela bonke abesilisa abahlukumeza izingane esikhundleni sokuzivikela. Uphinde wanxusa amantombazanyana asemancane ukuthi angasabi ukubika noma yikuphi ukuhlukunyezwa.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Pixabay.com

 

Related Posts