Basavalelwe ababoshwe kunombhikisho eNanda

Basagcinwe esitokisini abasolwa abayishumi nesishiyagalolunye (19) ababoshwe kulandela umbhikisho obunodlame eNanda, enyakatho neTheku.

Lokhu kulandela ukuvela kwabo eNkantolo yeMatshi, eNtuzuma, ngoLwesithathu.

NgoMsombuluko ekuseni kuphazamiseke ukubamba kwezimoto emgwaqeni u-M25, eduze nomgwaqo u-Bhambayi Road, ngenkathi umphakathi wakule ndawo uvala umgwaqo ngamathayi avuthayo.

“Iphoyisa likamasipala lidutshulwe emlonyeni kanye nasengalweni yesokudla ngabasolwa abangaziwa ngenkathi liqaphe isimo kanti nebhasi likamasipala liphinde luthungelwa ngomlilo ngesikhathi sombhikisho.

“Amacala okuzama ukubulala, ukucekela impahla kanye nodlame lwasemphakathini avulwe esiteshini samaphoyisa eNanda ukuze kuphenywe,” kubika amaphoyisa.

Abasolwa kulindeleke ukuba baphinde bavele enkantolo efanayo mhla zingama-24 August 2016 ukuze bafake isicelo sebheyili.

Kwesinye isigameko esifuze lesi, iqulu lababhikishi elilinganiselwa ekhulwini namashumi amahlanu (150) livale umgwaqo ngamathayi avuthayo kanye namatshe ngoLwesibili.

“Abasolwa abayishumi abaphakathi kweminyaka eyi-19 kanye nengama-37, bonke abangabesifazane, baboshelwe udlame emphakathini. Akukho ukulimala okubikiwe,” kuqhuba amaphoyisa.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

 Image: Pixabay.com

 

Related Posts