Bazobuyela emsebenzini abasebenzi embonini ka-petrol

Kulindeleke ukuba babuyele emsebenzini njengokujwayelekile abasebenzi embonini ka-petrol kusukela ngoMsombuluko kulandela ukuphela kwesiteleka samaholo esicishe sadonsa amasonto amathathu. .

Inyunyana yabasebenzi, i-Chemical, Energy, Paper, Print, Wood and Allied Workers’ Union (Ceppwawu), ifinyelele isevumelwaneni nomqashi sokukushulwa kwamaholo ngo-7% ngoLwesithathu.

Balinganiselwa ku-15 000 abasebenzi abangamalunga e-Ceppwawu abebeyingxenye yalesi siteleka njengoba bebefuna ukukhushulelwa amaholo ngo-9%.

Ngokwalesi sivumelwano esisha seminyaka emibili phakathi komqashi kanye nenyunyana, abasebenzi bazonyuselwa amaholo ngo-7% ngonyaka wokuqala bese kuthi ngonyaka wesibili anyuswe ngo-1.5%, okuhlanganisa nephesenti le-consumer price index langenyanga ka-April, ngonyaka wesibili.

Ukufinyelela esivumelwaneni kwalezi zinhlangothi zombili kuza emva kokungenelela kwe-Commission for Conciliation, Mediation and Arbitration (CCMA) ezingxoxweni phakathi kwenyunyana i-Ceppwawu kanye ne-National Petroleum Employers’ Union (NPEA) kulandela ukubhuntsha kwezingxoxo mhla zinhlanu ku-August 2016.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

 Images: Publicdomainpictures.net

Related Posts