Owesifazane okhulelwe ungomunye wabathathu abagenciwe, badutshulwa

Owesifazane okhulelwe kuthiwa ubeyingxenye yabantu abathathu ababulawe ngokudutshulwa kanye nokugencwa ngocelemba eZululiyaduma, e-Melmoth, KwaZulu Natali.

Ngokombiko wabakwa-South African Police Services (SAPS), amaphoyisa athole umbiko mayelana nalesi sigameko ngoLwesine, ngezikhathi zehora lokuqala, ebusuku.

Ngokombiko wamaphoyisa, umama oneminyaka engama-49 ubudala, yindodana yakhe eneminyaka engama-23 ubudala kanye nendodakazi eneminyaka engama-27 ubudala, babulawe ngesihluku begencwa ngocelemba, baphinde badutshulwa.

Ngaphezu kwalokho kuphinde kwalimala kanzima omunye wesifazane oyilunga lomndeni noneminyaka engama-30 ubudala ophuthunyiswe esibhedlela nalapho kubikwe khona ukuthi usesimweni esibucayi.

“Kusolakala ukuthi abasolwa abane abebehlome ngocelemba kanye nesibhamu bangene endlini ngenkathi izisulu zilele. Bokhele umlilo  baphinde babahlahlela baze bafa.

“Phakathi kwalabo ababulewe bekunowesifazane oneminyaka engama-27 ubudala obekhulelwe,” kubika amaphoyisa.

Emva kwalesi sigameko kubikwa ukuthi abasolwa badle phansi kanti akwaziwa ukuthi babalekele kuziphi izinkalo.

Ngaphezu kwalokho amaphoyisa abika ukuthi ophenyweni lokuqala olwenziwe endaweni yesigameko kutholakale ukuthi kuphinde kwathathwa i-airtime kanye nemali ngesikhathi sesigameko.

“Imbangela yalokhu kubulala okubuhlungu ayikaziwa okwamanje. Kuphenywa amacala amathathu okubulala, ukuzama ukubulala kanye nokuphanga endlini ngamaphoyisa ase-Melmoth,” kuqhuba amaphoyisa.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Pixabay.com

 

Related Posts