Utholakale eseshonile obesemotweni ebilengela eweni

Utholakale eseshonile owesilisa obesemotweni etholakale ilengela eweni eduze nonqenqema lomgwaqo, ngasemfuleni, e-Bramley, eGoli.

Ngokusho kwabosizo lokuqala, abakwa ER24, lo mlisa utholakale kule moto e-Bramley, e-Johannesburg, ngezikhathi zasekuseni ngeSonto.

“Abakwa-ER24 bafike endaweni yesigameko, ekhoneni lika-Van der Linde kanye no-Bridge Road, bathola imoto iphakathi kwesihlahla nodonga. Imoto ibilengela odongeni eduze nomfula.

“Owesilisa okukholakala ukuthi uneminyaka engama-30 ubudala utholakale elele emotweni engaphenduli. Ithimba lezokutakula nokuncinywa komlilo kudingeke ukuthi lisebenzise izindlawu ukuze litakule lo mlisa emotweni. Okubuhlungu akukho obekusengenziwa kuyena wabe esehlonzwa njengoseshonile,” kubika abakwa ER24.

Akukacaci ukuthi kube yini imbangela yale ngozi.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: ER24

 

Related Posts