Kubulawe abathathu emndenini, okuhlanganisa nengane (8)

Sekuphinde kwaba nesinye futhi isigameko sokuhlaselwa nokubulawa ngesihluku kwamalunga omndeni KwaZulu Natali, kulandela isigameko sakamumva sokubulawa kwamalunga amathathu omndeni eNdwedwe.

Ngokombiko wabakwa-South African Police Service (SAPS), bathi bathole umbiko mayelana nesigameko sokubulala eMzunga, eNdwedwe, ngoLwesihlanu, mhla ziyi-19 August 2016, ngezikhathi zabo-22:00 ebusuku.

“Amaphoyisa aya endaweni yesehlakalo nalapho athola amalunga omndeni aseshonile ahlonzwa njengo-Thandokwakhe Bhengu (35) kanye nezingane zakhe ezimbili, u-Lindelani Bhengu (16) kanye noLungisani Bhengu (8),” kubika amaphoyisa.

Aqhube athi uThandokwakhe Bhengu kanye noLindelani Bhengu badutshulwe babulawa kanti isidumbu sikaLungisani sona sitholwe silenga esigxotsheni ngentambo.

Ayikaziwa imbangela yalokhu kuhlasela nokubulala kanti sekuvulwe amacala amathathu okubulala esiteshini samaphoyisa eNdwedwe ukuze kuphenywe kabanzi.

Lesi sigameko sokubulawa kwamalunga omndeni silandela esinye isigameko esifuze lesi nalapho kubulawe ngesihluku amalunga omndeni amathathu, okuhlanganisa nowesifazane obekhulelwe, eZululiyaduma, e-Melmoth, KwaZulu Natali, ngoLwesine.

Kulesi sigameko umama oneminyaka engama-49 ubudala, yindodana yakhe eneminyaka engama-23 ubudala kanye nendodakazi eneminyaka engama-27 ubudala, babulawe ngesihluku bagencwa ngocelemba, baphinde badutshulwa.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

 Image: Pixabay.com

 

Related Posts