Bangu-41 abavalelwe ngodlame nokubulala eNtshanga

Babalelwa emashumini amane nanye (41) abantu ababoshiwe kulandela izigameko zodlame kanye nokubulawa kwabantu eNtshanga ezigamekweni ezihlukene nokukholakala ukuthi zihlobene ngeSonto nangoMsombuluko.

Kukholakala ukuthi lolu dlame luhlobene nokungahoshelani phakathi kwamalunga eqembu elibusayo, i-African National Congress (ANC) kanye nawe-South African Communist Party (SACP), eNtshanga, nosekuholele ekutheni kulahleke imiphefumulo esikhathini esingaphambilini.

NgeSonto kudutshulwe kwabulawa ilunga le-SACP, u-Nonsikelelo Blose, oneminyaka engama-40 ubudala, kanti kuphinde kwalimala nomunye wesilisa ngenkathi behlaselwa khona eNtshanga. Babili abasolwa ababoshiwe ngalesi sigameko kanti leli cala seliphenywa nguphiko lwama-Hawks.

Kuthe kusenjalo, ngoMsombuluko ekuseni, ngezikhathi zabo-4:00, amalunga omphakathi avuka umbhejazane , avala imigwaqo ngamathayi avuthayo kwaphinde kwashiswa ngomlilo izindlu ezinhlanu kulo mbhikisho.

Ngezikhathi zabo-6:00 ekuseni, kubulawe uXolani Ngcobo, oneminyaka engama-38 ubudala, noyilunga le-ANC. Kubikwa ukuthi uNgcobo wahlaselwa ngenkathi esekhaya lakhe nalapho adutshulwa khona waphinde wakhandwa nangamatshe.

Bangama-41 abantu ababoshelwe ukususa udlame emphakathini kanti baye bavela eNkantolo yeMatshi e-Camperdown ngoMsombuluko. Abanye babo bagxeke amaphoyisa ngokuthi ababophe bezihlalele ezindlini kanti bebengeyona ingxenye yombhikisho.

“Isimo okwamanje sizinzile futhi amaphoyisa aqaphile endaweni,” kusho amaphoyisa.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Pixabay.com

 

 

Related Posts