Ihhovisi likaMengameli seliphinde lakugcizelela ukuthi asikho isinqumo esesithathiwe mayelana nokuthi izonyuswa yini, noma izonyuswa ngamalini, imali yokufunda emanyuvesi akuleli ngonyaka ka-2017.
Lokhu kuza emva kokuvela kwemibiko kwabemithombo yezindaba nalapho kubikwa ukuthi uMengameli wezwe, u-Jacob Zuma, usevele useyalele umnyango wezezimali, oholwa nguNgqongqoshe u-Pravin Gordhan, kanye nowemfundo ephakame, oholwa nguNgqongqoshe u-Dr Blade Nzimande, ukuba benze isiqiniseko sokuthi imali yokufunda ayinyuki ngonyaka ka-2017.
Izinhlangano ezihlukene ezimele abafundi sezisabise ngokuthi uma nje ike yanyuswa imali yokufunda emanyuvesi kuzokwenzeka okungaphezu kwalokho okwabonakala kumkhankaso owaduma ngele-#FeesMustFall ngo-October-2015.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngo-October 2015 kwasuka esinamandla kuleli ngenkathi abafundi basemanyuvesi ahlukene ababedinwe beveva bemisa nse ukufunda emanyuvesi, bangenela uchungechunge lwemibhikisho ngaphansi komkhankaso i-#FeesMustFall.
Indaba yasuswa isimemezelo se-Wits University sokuthi ukufunda kuzonyuka ngo-10.5% ngonyaka ka-2016, nokuyinto eyacasula kakhulu abafundi.
Imibhikisho yadonsa isonto lonke kanti lokhu kwaholela ekutheni uMengameli Zuma, amemezele ukuthi kuzohoxiswa ukunyuswa kwemali yokufunda ngonyaka ka-2016.
Ihhovisi likaMengameli lithi ukuxhumana nezinhlaka ezihlukene kusaqhubeka kanti isimemezelo siyokwenziwa uma sekuphothulwe ukubonisana nezinhlaka ezihlukene.
Image: Commons.Wikipedia.org