Sekuboshwe abesilisa ababili abangabomdabu wase-Nigeria kanye nabesifazane ababili abangabokudabuka kuleli mayelana nezinsolo zokuqola abantu kuhlelo lokuthola omaqondana kwi-internet nolaziwa nge-online dating.
Laba baboshwe ngoLwesibili e-Cape Town kanti basolwa ngokuvula ama-accounts asebhange kuwo wonke amabhange akuleli ukuze bawasebenzisele ukwamukela izimali abebezithola ngokuqola izisulu kulolu hlelo lokuthola omaqondana.
Ngokusho kophiko lwama-Hawks, umsolwa oyedwa uboshwe emva kokwamukela iphasela okungesilona elangempela nebelithunyelwe ngama-Hawks e-Postnet ose-Somerset West Mall, e-Western Cape.
OKlebe bashaqe ama-laptop amahlanu, amabili awo abenemininingwane yabantu abasetshenziswe ngokukhwabanisa ukuze kuqolwe abantu online, kanye nama-cellphone ayi-12.
Ukuboshwa kwalaba basolwa abane kubeka isibalo sabantu asebeboshiwe mayelana nokuqolwa kwabantu ezinkundleni zokuthola omaqondana ku-11.
Image: Pixabay.com