Imiphumela yakamumva yezibalo zabakwa-Statistic South Africa ikhomba ukuthi sesinyukile isibalo sabantu eNingizimu Afrika kanti manje sesilinganiselwa ku-55.91 million.
Lokhu kuvezwe yisikhulu esiphezulu kwa-Statistic South Africa, u-Pali Lehohla, ngenkathi ethula umphumela wezibalo zaphakathi nonyaka ka-2016 e-Pitoli, ngoLwesine.
ULehohla uthi isibalo sabantu bakuleli sinyuke ngo-1.6% phakathi konyaka ka-2015 kanye 2016.
Ngokwalo mbiko, abantu abaMnyama yibo abaningi kakhulu njengoba bengama-45.11 million kanti benza ingxenye elinganiselwa ku-81% esibalweni sabantu baseNingizimu Afrika sebebonke.
Ngakolunye uhlangothi abantu abaMhlophe bona balinganiselwa ku-4.52 million, amaKhaladi alinganiselwe ku-4.9 million, bese kuthi amaNdiya noma ama-Asian wona alinganiselwe ku-1.39 million.
Isifundazwe i-Gauteng yisona esinesibalo esiphezulu sabantu njengoba belinganiselwa ku-13.5 million, bese kulandela iKwaZulu Natali ngabantu abalinganiselwa ku-11.1 million.
I-Northern Cape yisona sifundazwe esinesibalo esincane sabantu njengoba belinganiselwa ku-1.17 million.
Okunye okuphinde kwavela kulo mbiko ukuthi u-51% (28.53 million) wabantu baseNingizimu Afrika ngabantu besifazane.
Image: Wikipedia.org