Kulimale abangu-50 kugingqika ibhasi linabafundi

Zibalelwa emashumini amahlanu (50) izingane zesikole ezilimele kulandela ukugingqika kwebhasi ebeziligibele emgwaqeni u-R603, eMbumbulu, KwaZulu Natali, ngoLwesihlanu ntambama.

Ngokusho kwabosizo lokuqala, abakwa-ER24, bathi bafike endaweni yesigameko bathola leli bhasi lilele ngokhakhayi.

“Iningi lezingane bese zivele ziphumele ngaphandle kwemoto kanti bese zinyukele phezulu eceleni komgwaqo.

“Ngokuqhubeka kophenyo, abosizo lokuqala bathole ukuthi zilinganiselwa ku-50 iziguli ezithole ukulimala okungatheni kanye nemihuzukwana,” kubika abakwa-ER24 abangeze ngokuthi ngenhlanhla abekho abantu okubikwe ukuthi bashonile kule ngozi endaweni yesigameko.

Abalimele bathole ukwelashwa endaweni yesigameko ngaphambi kokuba baphuthunyiswe ezibhedlela ezehlukene ukuze bathole okunye ukwelashwa.

Izingane ezisinde kule ngozi zilinganiselwa eminyakeni eyi-15 kanye neyi-18 ubudala.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Pixabay.com

 

 

Related Posts