Ugwetshwe odilakajele neminyaka engu-50 obedwengula abesifazane

Inkantolo yesifunda e-Verulam isigwebe owesilisa oneminyaka engama-27 ubudala odilikajele ababili kanye neminyaka eyi-50 ngaphezulu kulandela ukulahlwa ngamacala amathathu okudlwengula abesifazane abathathu ezigamekweni ezehlukene kanye namanye amacala.

UMzwakhe Sithole, oneminyaka engama-27 ubudala, ubevele enkantolo yesifunda e-Verulam ngoMsombuloko kanti kubikwa ukuthi uke wabahlalisa lubhojozi abesifazane e-Verulam ngonyaka ka-2012.

“Kusukela ngo-March 2012 kwaze kwaba u-September 2012 ubehlukumeza umphakathi wase-Verulam, entshonalanga neTheku, nalapho ebezingela abesifazane bese eyabadlwengula,” kubika amaphoyisa.

Isigameko sokuqala emacaleni omsolwa sabikwa ngo-March 2012 nalapho owesifazane oneminyaka engama-31 wayehamba nesoka lakhe e-Moreland , eMdloti, ngenkathi bevinjezelwa ngumsolwa. Kuthiwa isoka ladla phansi emva kokusatshiswa ngommese kanti lo wesifazane wasala wadlwengulwa waphinde wathathelwa izinto zakhe.

Isigameko sesibili sabikwa epulazini, i-Robin, nalapho intombazanyana eneminyaka eyishumi ubudala yayisendleleni eya esikoleni ngenkathi ivinjezelwa ngumsolwa. Wabe eseyisabisa ngommese maqede wayiyisa esikhotheni esiseduzane nalapho abe eseyidlwengulela khona. Nayo yaphinde yathathelwa izinto zakhe ngesikhathi sesigameko.

Isigameko sesithathu senzeka e-Cottonlands, khona e-Verulam, nalapho owesifazane oneminyaka eyi-19 ubudala wayelele endlini yakhe ngenkathi ehlaselwa ngumsolwa. Naye wasatshiswa ngommese ngumsolwa ngaphambi kokuba amdlwengule kanti kwaphinde kwathathwa nefoni yakhe emva kwesigameko.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

 Image: Pixabay.com

 

Related Posts