Kuboshwe owesifazane kutholakala i-cocaine namali

Amaphoyisa ophiko lwe-Durban Flying Squad asebophe owesifazane oneminyaka engama-30 ubudala nokubikwa ukuthi utholakale nezidakamizwa zohlobo lwe-cocaine kanye nemali kwelinye lamabhilidi asenkabeni yedolobha iTheku.

Ukuboshwa kwalo wesifazane kulandela umkhankaso obuqhutshwa ngamaphoyisa wokulwa nobugebengu eThekwini, ngoLwesihlanu ngezikhathi zabo-21:17. Amaphoyisa athi alandele umkhondo mayelana nalezi zidakamizwa nokuholele ekutheni anikele kwelinye lama-flat asenkabeni yedolobha eThekwini.

“Baqhubekele eflethini esitezi sesine ngenkathi bethola u-48kg we-cocaine eyimpuphu eyinani lasemgwaqeni lika-R 3 million. Umsolwa obeseflethini uboshiwe wabekwa amacala ngokufanele. Amaphoyisa aphinde athola u-R701 000.00 ongukheshi eflethini,” kubika amaphoyisa.

Amaphoyisa athi baningi nabanye okulindeleke ukuba zibakhalele maduzane mayelana naleli cala kanti athi azoqhubeka nokukhuculula izidakamizwa ezindaweni ezakhele iTheku ukuze aqinisekise ukuthi azifinyeleli ezinganeni.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: youtube.com

 

Related Posts