Kulimale abangu-14 itekisi lishayisa imoto encane

Kulimale abantu abayishumi nane (14) ngenkathi itekisi lingena ngemumva imoto encane emgwaqeni onguthelawayeka, u-N1, eduze nase-Allendale, e-Midrand, ngeSonto ntambama.

Ngokombiko wabosizo lokuqala, abakwa-ER24, bathi ngenkathi befika endaweni yesigameko bafice itekisi lilele ngokhakhayi ohlangothini lwezimoto eziphuthumayo, kanti imoto encane yona ibisohlangothini lwezimoto ezihamba ngesivinini esiphezulu.

“Abagibeli abebesemotweni batholakale bezulazula ohlangothini lomgwaqo ngenkathi abagibeli ababili betholakale behleli emotweni encane.

“Abosizo lokuqala bahlole iziguli bathola ukuthi abantu abayi-14 sebebonke bathole ukulimala okusukela kokuncane kuya kokukhulu,” kubika abakwa-ER24.

Abalimele kuthiwa balashwe amanxeba khona endaweni yesigameko kwase kwathi abalimele kakhulu bona bathola usizo olwengeziwe ukuze bakwazi ukuphila. Babe sebephuthunyiswa ezibhedlela ezehlukene ukuze bathole okunye ukwelashwa.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: ER24

 

Related Posts