Ugwetshiwe owadlwengula izingane ezimbili

Ugwetshwe iminyaka engamashumi amabili nanhlanu (25) owesilisa olahlwe ngamacala okudlwengula amantombazanyana amabili eMpangeni, KwaZulu Natali.

U-Emmanuel Maculuve, oneminyaka engama-44 ubudala, kubikwa ukuthi wagila lomkhuba mhla zingama-28 May 2013, ngezikhathi zasemini, emva kokuthi efice izingane zidlala kwenye yezindlu eyayingafulelwe esigodini saseNqolothi, khona eMpangeni.

Kubikwa ukuthi lezi zingane kwakungabafana ababili kanye namantombazanyana amabili. Umsolwa wabe esexosha lezi ezingabafana izingane ukuze asale nezamantombazane nokuyilapho abe esezidlwengula khona.

Lama ntombazanyana ayeneminyaka eyi-7 kanye neyi-8 ubudala ngesikhathi edlwengulwa umsolwa.

“Abafana ababili ababona isigameko babika udaba kubazali babo kwabe sekuvulwa icala lokudlwengula esiteshini samaphoyisa eMpangeni,” kubika amaphoyisa.

Umsolwa kuthiwa waboshwa ngosuku olufanayo kanti waphinde wabekwa namacala amabili okudlwengula.

Inkantolo yesifunda eMpangeni igcine imgwebile uMaculuve ngoLwesibili emva kokulahlwa ngamacala abebhekene nawo.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Pixabay.com

 

Related Posts