Kuzoqala ukunqanyulwa kwamanzi eGauteng

Umnyango wezamanzi nenhlanzeko esifundazweni i-Gauteng usuzoqala umkhankaso wokunqanyulwa kwamanzi  ngenhloso yokuwonga komasipala abakhulu kulesi sifundazwe okubalwa kubo i-Ekurhuleni, i-Johannesburg, i-Tshwane, kanye ne-Mogale City ukuze ubhekane nesomiso esilokhu sihlasele ezweni.

Ngokusho kwekhabhinethi, silokhu siqhubeke njalo isomiso ezingxenyeni eziningi zezwe kanti i-Gauteng nayo isithole ukushayeka njengoba umfula i-Vaal River kanye nedamu i-Vaal Dam kubhekene nengcindezi.

“Ukuphakelwa kwasemadolobheni kuzoncipha ngamaphesenti ayi-15 bese kuthi ukuhlinzeka ngamanzi ezindaweni ezingenawo kuncishishwe ngamaphesenti angama-20.

“Ukonga akugwemeki futhi kuzohlala kukhona ukugcina ukuhlinzeka ngamanzi kuze kube isimo siyadamba,” kubeka ikhabinethi esitatimendeni.

Umnyango uzoqala lolu hlelo lokunqanyulwa kwamanzi ngenhloso yokuwonga ngokubambisana nomasipala abahlukene, umnyango wezokubusa ngokubambisana kanye nezindaba zomdabu, kanye ne-South African Local Government Association.

Khonamanjalo, ikhabhinethi isinxuse izakhamizi ukuba zonge amanzi nokuthi ziwasebenzise ngokucophelela.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Wikipedia.org

 

Related Posts