Zixetshuliwe izikhangiso ‘ezidukisayo’ edolobheni

Isikhungo esilawula ezezikweleti kuleli, i-National Credit Regulator (NCR), sibambe umkhankaso wokususa izikhangiso ezithathwa njengezidukisayo nezingekho emthethweni e-Midrand, e-Gauteng.

Lesi sikhungo besiqhuba lo mkhankaso ngokubambisana nehhovisi laso lesifunda i-Johannesburg kanye namaphoyisa kamasipala wase-Johanesburg ngoLwesihlanu.

Kulo mkhankaso bekususwa noma kuxetshulwa izikhangiso ezingekho emthethweni nebezibekwe ezigxoxeni zama-street light kanye nasemarobhothini.

“Leli gxathu lihambisana nomkhankaso we-NCR ‘ngokukhangisa okudukisayo’, nohlose ukufundisa umphakathi ngezenzo zezikhangisoi ezidukisayo,” kubeka isitatimende.

 Ngokusho kweMenenja emnywangweni wakwa-Investigations and Enforcement kwa-NCR, u-Jacqueline Peters, umthetho, i-National Credit Act (NCA), ukubeka kucace ukuthi yini okungafanele ifakwe ezikhangisweni.

U-Peters uthi amagama athile kanye nezisho ezithile akuvumelekile kwizikhangiso zezikweleti.

Phakathi kwezinye zezitatimende, izisho kanye namagama angavumelekile ezikhangisweni eziphathelene nezikweletu, ngokwa-NCR,  kubalwa athi: “No credit check required; blacklisted consumers  welcome; free credit”.

U-Peters uthi imikhankaso yabo ayizukugxila nje kuphela ezikhangisweni ezinamathiselwe emigwaqeni kanye neziqeshana ezinikwa abantu, kodwa bazophinde bagxile nasezikhangisweni ezikhishwa emithonjeni yezokwazisa njengoba ethi nakhona zidla lubi lezi zikhangiso ezidukisa umphakathi.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Commons.Wikipedia.org

 

Related Posts