Kulimale abayishumi kugingqika iveni

Abantu abayishumi bathole ukulimala ngenkathi iveni ebebehamba ngalo ligingqika emgwaqeni u-M13, e-Fields Hill, ngaphandle kweTheku.

Ngokombiko wabasizo lokuqala, abakwa-ER24, bathi bafike endaweni yesigameko ngezikhathi zehora lesikhombisa ekuseni nalapho bethole khona imoto yohlobo lwe-Ford Ranger igingqikile, ilele ngokhakhayi.

“Abagibeli abayishumi batholakale behleli eceleni komgwaqo. Iningi labagibeli lithole ukulimala okuncane. Abantu abathathu bathole ukulimala okungatheni,” kubika abakwa-ER24.

Baqhuba bathi abanye balaba abalimele bebenemihuzuko, ukuxebuka, izibazi kanti kungenzeka nokuthi balimele imigogodla kanye nemiqala.

Baphuthunyiswe esibhedlela esiseduzane ngabosizo lokuqala ukuze bathole okunye ukwelashwa.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: ER24

 

Related Posts