Singase sishube isimo ekomkhulu le-ANC ngoMsombuluko

Kulindeleke ukuthi iphakame imimoya ekomkhulu leqembu elibusayo kuleli, i-African National Congress (ANC), i-Luthuli House, eGoli, ngoMsombuluko.

Lokhu kungenxa yomkhankaso weqeqebana lamalunga e-ANC obizwa nge-Occupy Luthuli House nalapho lihlele khona ukuba liqhinqe ammahovisi e-ANC, ngenhloso yokuyozwakalisa izikhalo kanye nezimfuno zalo ebuholini obuphezulu beqembu.

Leli qeqebana alineme ngendlela izinto ezihamba ngayo eqenjini kanye nemiphumela engemihle ye-ANC kulandela ukhetho lohulumeni basekhaya njengoba leli qembu lehlelwe ukwesekwa laphinde lalahlekelwa abanye bomasipala abakhulu okubalwa i-Johannesburg, i-Tshwane kanye ne-Nelson Mandela Bay.

Laba abaseka lo mkhankaso, i-Occupy Luthuli House, sebekubeke kwacaca ukuthi bafuna isigungu esiphezulu se-ANC, i-National Executive Committee (NEC), sisule ezikhundleni bese kuthi uMengameli u-Jacob Zuma asuswe esikhundleni.

Sebenxuse namalunga omphakathi, amanye amalunga e-ANC kanye nabangewona amalunga ukuba babe yingxenye yalo mkhankaso.

Ngakolunye uhlangothi, Mkhonto weSizwe Military Veterans Association (MKMVA), uphiko lwentsha lwe-ANC, i-ANC Youth League (ANCYL), kanye nophiko lwabesifazane, i-ANC Women’s League (ANCWL) sebexwayise leli qeqebana le-Occupy Luthuli House ukuthi lizofika inyanga ephelile njengoba bethi bazobe sebebalinde khona e-Luthuli House, e-Goli.

UMengameli we-ANC Youth League, u-Collen Maine, utshele i-SABC ukuthi uzobe uzobe esingethe abantu abalinganiselwa ku-6000 abangamalunga e-ANCYL abaphikisana nalo mkhankaso nabazobe bevimbe okuzosondela emmahhovisi e-ANC ngoMsombuluko. Uthi abezukulwisana nabe-Occupy Luthuli House, kodwa bazobe bezovikela amahhovisi e-ANC.

NgeSonto besezivele ziqinisiwe ezokuphepha ngaphandle kwamahhovisi e-ANC, i-Luthuli House, kanti namaphoyisa amasipala wase-Johannesburg athi asemi ngomumo. Kunesibalo esiphezulu samaphoyisa, yizimoto zamaphoyisa kanye nezingcingo ezihlabayo.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

 

Related Posts