Bagwetshiwe ababulala umngani ngesando

Bagwetshwe odilikajele abalisa ababili abebebhekene namacala okubulala umngani wabo eZinqoleni, KwaZulu Natali.

Lokhu kulandela isigameko samhla zingama-30 January 2016, ngezikhathi zabo-03:45 ekuseni, nalapho kubikwa ukuthi umufi, uZakhele Xolo (27), wayephuza nabangani bakhe, u-Michael Zipopo Ntobela (43) kanye noBheki Maxwell Nzimande (42), eNtaba, eZinqoleni.

Kubikwa ukuthi kwabe sekunyamalala i-cellphone yomunye wabangani neyagcina itholakale ngaphansi kombhede owawuseduzane nomufi.

Kuthiwa lokhu kwamdonsela amanzi ngomsele umufi njengoba abe eseshaywa ngabangani bakhe ngesando, wagwazwa ngezinzipho, maqede wahudulelwa ngaphandle kwendlu wabe eseshiywa ebangeni elingamamitha angama-500 ukusuka emgwaqeni.

“Wathola izibazi eziningi  emzimbeni wakhe wonke kanye nokulimala ekhanda,” kubika amaphoyisa.

UNtobela  kanye noNzimande baboshwa ngosuku olufanayo nokwenzeka ngalo isigameko baphinde babekwa icala lokubulala uXolo.

Inkantolo yesifunda eZinqoleni igixabeze laba bobabili izigwebo zodilikajele emva kokulahlwa ngamacala ababebhekene nawo.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Commons.Wikipedia.org

 

Related Posts