Kushone abathathu, kwalimala ababili kuphangwa i-mall eMlazi

Abantu abathathu basale enkundleni kwathi ababili okungabesifazane, okuhlanganisa nokhulelwe, bathola ukulimala ngenkathi kutholana phezulu ngezulu lezandla onogada kanye nabasolwa okusolwa ukuthi bebezophanga enxanxatheleni yezitolo eMlazi, eningizimu neTheku.  

Kulesi sigameko, okuthiwa senzeke ngoLwesithathu, ngezikhathi zabo-13:40 emini, khona eMlazi, kubikwa ukuthi kugasele iqulu labasolwa abebehlome bezingovolo nabangene kwesinye sezitolo kule mall.

“Abasolwa kusolwa ukuthi basabise abasebenzi  namakhasimende, base bathatha isamba semali engadalulwanga esitolo kanye nama-cellphone amakhasimende,” kubika amaphoyisa.

Aqhuba athi ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko abasolwa bavinjezelwe ngonogada abebesemsebenzini nalapho kube sekuqala khona ukudubulana.

Kubikwa ukuthi onogada ababili, abaneminyaka engama-31 kanye nengama-34, badutshulwe babulawa kanti kuphinde kwadutshulwa kwabulawa nomunye okungenzeka ukuba ubeyingxenye yabasolwa.

“Abesifazane ababili, okuhlanganisa nowesifazane okhulelwe abebezimele, bathole amanxeba okudutshulwa base bayiswa esibhedlela ukuze balashwe.

“Abasolwa babalekile endaweni yesigameko ngezinyawo. Amacala okuphanga ibhizinisi, amacala amathathu okubulala kanye namacala amabili okuzama ukubulala avuliwe esitesheni samaphoyisa eMlazi ukuze kuphenywe kabanzi.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: youtube.com

 

Related Posts